South African Bible Believer


South African Bible Believers: Zulu

 

Leviticus

Chapter 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

17:1  UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 

2  "Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lokhu kuyikho ayale ngakho uJehova, ethi: 

3  Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu,  noma eyibulala ngaphandle kwekamu, 

4  engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. 

5  Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova. 

6  Umpristi wofafaza ngegazi i-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova. 

7  Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’ 

8  "Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo, 

9  engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

 10  "‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo. 

11  Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. 

12  Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: "Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi." 

13  "‘Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli. 

14  Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: "Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa." 

15  "‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka. 

16  Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’"

 


Previous Chapter | Return to top of page Next Chapter

Table of Contents

The Fundamental Top 500