South African Bible Believer


South African Bible Believers: Zulu

 

Leviticus

Chapter 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

1:1  UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi: 

2  "Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova,  anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.

 3  "‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici,  anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova. 

4  Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe,  umenzele ukubuyisana. 

5  Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana. 

6  Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho. 

7  Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo; 

8  amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 

9  ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

 10  "‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici. 

11  Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni,  abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke. 

12  Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,

 13  ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 

14  "‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba. 

15  Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare, 

16  asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwe-altare ngasempumalanga endaweni yomlotha, 

17  awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

 


Return to top of page Next Chapter

Table of Contents

The Fundamental Top 500